Akucaci ngekusasa likaNkunzi kuZalo

IKHULUNYELWA emakhoneni eyokuhamba kwesilomo somlingisi woZalo, uMasoja Msiza, kulo mdlalo wakwiSABC 1.

UMasoja udlala indawo ephambili kaNkunzebomvu “Nkunzi” Mhlongo, emdlalweni okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku, phakathi nesonto.

Isolezwe lithole ngemithombo yalo engaphakathi kuZalo, ukuthi akucaci kahle ngekusasa likaMasoja oseneminyaka eyibambile emdlalweni.

“UMasoja uyahamba futhi asimazi ukuthi uya kuphi,” kusho umthombo.
Omunye umthombo ongazani nowokuqala, uthe naye uzwe ngandlebenye yize kungekho osephumele obala waqinisekisa.

“Ngizwe kukhulunywa emaphaseji kodwa anginaso isiqiniseko,” kusho yena.
Muva nje, kusanda kuqala isizini entsha ka-12 yoZalo olwaqala ngo-2015, lugxile emindenini emibili wakwaMdletshe nowakwaXulu.

Kulezi zinsuku emdlalweni uNkunzi uboshiwe kulandela ukuboshelwa icala lokubanjwa kwenkunzi imali eyatholakala kwakhe.

Ngokwamazwibela omdlalo ayo yonke inyanga, kuvela ukuthi uNkunzi usazoqhubeka nokuba sejele.
Omunye umlingisi woZalo owanyamalala ngokuboshwa nguNothando Ngcobo olingisa indawo kaHlelo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kweSABC naboZalo ayiphumelelanga njengoba bengayiphendulanga imiyalezo abathunyelelwe yona.

Nokho ngesikhathi uMasoja ethintwa, ukuphikile ukuthi akaseyona ingxenye yoZalo.

“Asiyiyeke lapho, angihambi. Umdlalo nje. Abantu abehlise amaphaphu babukele umdlalo bengathuki. Sisayibambile, bona abaqhubeke babuke,” kusho uMasoja.

UMasoja ujoyine Uzalo ngo-2017.

Ngaphambi kwalokho, ulingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo Isibaya, Zabalaza, Scandal!, Umlilo, Ring of Lies neminye. —Isolezwe

Related Posts

Scottland edge swatis Job only half done, says Mapeza

Eddie Chikamhi Zimpapers Sports Hub Scottland 1-0 Nsingizini Hotspurs SCOTTLAND coach Norman Mapeza has warned that the job is only half done after his side secured a slender victory over…

Hardrock turn up heat in title race

Onward Gangata [email protected] WHEN Kelvin Kaindu changed his outfit at halftime against Jordan Sinnot FC in the Munhumutapa Challenge Cup at Luveve Stadium a week ago,many read that as a…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *