YiNtatheli kaMthunywa
SITHOLAKALE eduze kwe-tuckshop isidumbu sengane yentombazane eleminyaka emine ebikade idukile koNdengezi eSouth Africa.
Intatheli ithole ukuthi u-Esona Mabaso uduke ngoMgqibelo ntambama waze watholakala ngakusasa ntambama ngemva kwesitodlwana esingekho khatshana langakibo.
Kuvela ukuthi isidumbu sakhe besilezimpawu zokuthi siqale sadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe. Lokhu kuqinisekiswe ngumalume wakhe, uMnu Sihle Mabaso, ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo mayelana nalolu daba.
Uthe okubehlele kubaphethe kabi kakhulu njengomndeni bayazibuza bayaziphendula ukuthi ngubani lona ononya kangaka.
“Ingane yethu itholakale idindilizile ingasekho emhlabeni ngemuva kwe-tuckshop. Ibikade iduke ngoMgqibelo ntambama. Ngabe siqamba amanga uma singathi siyazi ukuthi kwenzekeni. Sonke sididekile kakhulu ngalokhu okusehlele,” usho kanjena.
Uthe bazamile ukuyibheka ngoMgqibelo kodwa yangatholakala.
Nakuba bedidekile benjalo kodwa uthe bafuna ukuthola izimpendulo ngokuthi kwenzekeni, futhi ngubani lo owenze into enesihluku esinjena.
“Ibuhlungu le nto eyenzekile lapha ekhaya,’’ esho kanjena egcizelela. —Isolezwe




