UMTHUNYWA

Isililo ngokudlula emhlabeni komlingisi weNigeria

Uwile umuthi omkhulu kwezokulingisa imidlalo kamabonakude e-Afrika ngokudlula emhlabeni komlingisi weNigeria, uChief Peter Uwadiegwu Ogugua Edochie.

Umdeni wakhe umemezele ukuthi utshone ngokusa kwangoLwesithathu ngo-12:30 ekuseni, e-Enugu, ngemva kokulwa isikhathi eside lesifo semvukuzane.

Lesi simemezelo senziwe ngesitatimende esisayinwe yindodana yakhe, uChief Leo Pete Edochie, egameni lomdeni, futhi wabelwa ku-Instagram ngaphansi kwesihloko esithi “I-Iroko Isiwe” (An Iroko Has Fallen).

Lesi sitatimende simchaze njengomyeni, ubaba, ubhudi kanye lesihlobo esithandwayo. Kwachazwa lomlando wakhe ngokuthi udabuka e-Akamnato, e-Ifite Nteje, esifundazweni se-Anambra. Utshiye umkakhe, uBarrister Josephine Edochie, izingane zakhe, abafowabo lodadewabo, kanye lezihlobo. Amalungiselelo omngcwabo azomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

UPeter Uwadiegwu Ogugua Edochie waqala umsebenzi wakhe kwezokusakaza ngaphambi kokungena emkhakheni wokulingisa, lapho aduma khona kakhulu ngenxa yokulingisa indawo ka-Okonkwo ochungechungeni lukamabonakude olususelwa kugwalo luChinua Achebe ethi Things Fall Apart.

Eminyakeni eyalandela, waziwa ngezwi lakhe elijulile, ukusebenzisa kwakhe izaga, kanye nlndlela elamandla ayelingisa ngayo abaholi bendabuko kanye lamadoda amadala ayinhloko yemideni.

Wahlonitshwa ngendondo ye-Order of the Niger (MON), futhi wathola umklomelo we-African Film Legend emcimbini i-African Film Festival (TAFF) ngo-2020. Umdeni usazokhipha isitatimende ngezinhlelo zokufihlwa kwakhe

Leave a Comment