Kujikijelane ngamazwi alumelayo abaqeqetshi bePirates leChiefs

ABAQEQETSHI be-Orlando Pirates leKaizer Chiefs bajikijelane ngezimbokodo zamazwi alumelayo kulandela umdlalo wabakhaya weBetway Premiership obekugqame kuwo okubi kunengcwenga yebhola ngeSonto ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.

IPirates leChiefs babambane ngo 1-1 okungumphumela obukeke sengathi uphazamisa ezika-Ouaddou embangweni wesicoco seligi leMamelodi Sundowns.

Ngaphambi kokuthi uqale lo mdlalo ohlehliswe ngemizuzu engu-35 ngenxa yokungafiki ngesikhathi kwabalandeli, kusuke isidumo phakathi kwabaqaphi bePirates nethimba elenza okufanayo kwiChiefs.

Ngokusho kukaKhalil Ben Youssef kwabezindaba, iPirates ngeke iyiwine iligi uma izoqhubeka nokuziphatha ngendlela ayichaze njengengamukelekile.

“Lo mdlalo ububukwa wumhlaba wonke kodwa okwenziwe yizitha kithina ngaphambi kokuqala komdlalo kuyaphoxa,” kusho uBen Youssef.

“Kungani bengasivumeli ukuthi sikhululeke senze esithanda ukukwenza enkundleni esivumelekile ukuba kuyona? Uma abantu becabanga ukuthi la maqhinga abawasebenzisayo azobawinisa iligi kabakhohlwe,” kusho lo mqeqeshi sakubhuqa iPirates.

U-Abdeslam Ouaddou wePirates akazange aliyeke ithuba lokugxeka iChiefs ngamaqhinga awachaze njengamabi okulimaza abadlali bakhe baphambili u-Oswin Appollis, Relebohile Mofokeng noTsepang Moremi othinteke esiwombeni sokuqala.

“Kufanele ukuba kubaphoxile abalandeli beChiefs ukuthi iqembu labo lijabulela ukucazelana amaphuzu ngendlela engiyibone enkundleni,” kusho u-Ouaddou.

“Kusobala ukuthi bebengazizele bona enkundleni kepha bebezophazamisa. Okunye okungishiye ngishaqekile yindlela abebedlalisa kabi ngayo abadlali bami.

“Besizele ukuzodlala ibhola kodwa sizithole sesidlala i-karate,” kusho u-Ouaddou ngokuqinisa unyawo ngokweqile kweChiefs.

Yize iChiefs iphazamise iPirates ngokuyibamba, kusengaba yilona futhi leli qembu laseNaturena, eliyiwezayo kwazise lisenomdlalo neSundowns ngaphambi kokusonga isizini.—Isolezwe

Related Posts

Father ordered to pay US$100 monthly maintenance for 15-year-old

Sharon Jiyamwa Herald Reporter THE Harare Civil Court has ordered a man to pay US$100 per months in maintenance for his 15-year-old child after rejecting his offer of US$20. The…

Zimbabwes rural industrialisation drive is gathering pace

Patrick Chitumba, [email protected] MIDLANDS Province is emerging as a front-runner in the Government’s rural industrialisation programme, with 216 business units already completed as the Second Republic pushes to anchor economic…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×