INHLANGANISO ezehlukeneyo ezibona ngezempilakahle sezikhiphe isixwayiso sokukhuthaza abantu ukuthi bajwayele ukubhoboka noma bavuleke ngezimo ezehlukeneyo zokubahluphayo emoyeni — ukuze kuvikelwe ukufela ngaphakathi kumuntu olokuthile okumhluphayo.
Lokho bekuhambisana lokuthi ngoLwesine bekugujwa usuku olwaziwa ngokuthi yi-World Suicide Prevention Day, inhloso yalo eyikukhuthaza abantu ukusukumela izinkinga ezehlukene ezibahluphayo lezibagqilazayo emqondweni — okunye kwakho okudala ukuthi baze bazame ukuzibulala noma bazibulale uqobo.
Ngale kwalolu suku, ongoti bezempilo banxuse ukuthi leli khwelo liqhutshwe kuze kuphele linyanga (Mpandula), futhi kuqhutshekwe nalo mbono nsuku zonke ukuze kuphungeke umonakalo odalwa ngabantu abazibulalayo ngoba bebona impilo yabo ingasayi ndawo.
Lonyaka indikimba yalumkhankaso ibisithi Changing the Narrative on Suicide: Start The Conversation, okutsho ukuthi kuzozanywa ukuguqula izinkolelo ze ezikhona leziyaye zidwebe izithombe sokungathi ukuzibulala yinto efaneleyo ukuthi yenzeke, bese kukhuthazwa ukuthi abantu bavuleleke ukubhunga ngezimo ezibahlukumezayo ezenza baze bazibulale.
Enye inhlanganiso ebizwa ngokuthi The South African Depression and Anxiety Group (SADAG) yona ithe owayo umkhankaso uthi Every Conversation Counts, okutsho ukuthi bona bazokhuthaza kakhulu ukuthi lolo lalolo hlobo lwengxoxo ezokwenziwa mayelana lale inkinga isemqoka kakhulu, yakhuthaza nokuthi kusemqoka ukwazi ukuthi umsiza kanjani umuntu obhekene nesimo esenza ukuthi agqilazeke emqondweni noma aze abe nemicabango yokuzibulala.
I-SADAG icebise ngokuthi ukuxoxa ngalezi zimo akuqali ngokuthi ube namagama acwecwekile noma ababazekayo okumele uwasho konenkinga, kuphela nje kubiza ukuthi ulalele ngale kokwahluleka nokuthi unike lowo muntu ithuba lokuthi akhululeke ukukhuluma.
Ijobelele nangokuthi ukukhuluma ngokufuna ukuzibulala akumele kube yinto ebukelwa kude, kepha kudingeka ukuthi lowo muntu ozizwa kanjalo anikwe ithuba lokukhuluma ngakho ukuze kuzoba lula ukuthi asizakale noma athole usizo olumfanele naludingayo.
Ukuzibulala kwabantu yinkinga eqhubekayo lekhathazayo emhlabeni wonke jikelele, okufakazelwa wukuthi iNhlangano yezeMpilo eMhlabeni i-World Health Organization ilinganisela ku-720 000 abantu abazibulalayo njalo ngonyaka emhlabeni, okuvele ukuthi abantu abasebasha yibona abaningi kakkhulu kulokho. Kanti futhi kwavela nokuthi ukuzibulala kusendaweni yesithathu ezizathwini zokufa kwabantu abaneminyaka ewu-15 kuya ku-29 ngo-2021.
— Isolezwe
I-SADAG ibike ukuthi eSouth Africa babalelwa ku-23 abantu abazibulalayo usuku losuku, nababalelwa emakhulwini abazama ukwenza lokho – okukhomba ubukhulu bale nkinga. Kanti futhi
le nhlangano idalule nokuthi abesilisa yibona okubonakala belengela kule nkinga ngokweqile njengoba bephindeke kane kunabesifazane.
Ezinkingeni okusolakala ukuthi ziyimbangela yalokho kubalwa inkinga yezezimali, yizinkinga ebudlelwaneni bezothando, ubuhlungu bokushonelwa wumuntu omthandayo, ingcindezi yomsebenzi wesikole nasemsebenzini, nokunye okuphazamisa ukusebenza kwengqondo. Enye yezindlela ezilula zokusiza umuntu onale nkinga wukumqalaza ukuthi konke kuhamba kahle yini kuyena nasempilweni yakhe, bese uzinika ithuba lokumlalela ukuze ezobhoboka enkingeni anayo – okungenza ukuthi kube lula ukumsiza. Imibuzo efana nokuthi uzizwa unjani noma ukuthi uyafuna yini ukukhuluma ngalokho okukuhluphayo – ngezinye zezinto ezisizayo ukuqala ingxoxo evulelekile nekhululekile ngalesi simo.
Uma kwenzeka ukuthi umuntu ekutshela ukuthi ubhekene nenkinga ethile, kusemqoka ukusukumela phezulu, umlalele ngale kokumehlulela bese umkhuthaza ukufuna usizo lwabaqeqeshelwe ukubhekana nesimo noma inkinga anayo ngaleso sikhathi. -Isolezwe




