Kusolwa izelamani ngeziqhumane ezidedelwe eBrussels

BRUSSELS — UKhalid kanye no-Ibrahim El Bakraoui abayizelamani basolwa njengamadelakufa adedele iziqhumani esikhumulweni sezindiza eBrussels, kubika iNewswatch.

Kuthiwa uKhalid waqasha ifulethi eBrussels ngesonto eledlule ngegama okungelona elangempela futhi amaphoyisa athole umkhondo kaAbdeslam nokuyiyona ndoda efunwa kabi e-Europe.

Kusolakala ukuthi uKhalid uyathinteka kwelokuqasha ifulethi eCharleroi  idolobha eliseNingizimu neBelgium nokuyilapho u-Abdeslam namanye amadelakufa aseBrussels aqhumisa ezindaweni ezingu-13 eParis lapho kwashona khona abantu abangu-130.

Umthombo wamaphoyisa utshele abe-AFP ukuthi  lo wesilisa ophakathi kwabalisa abathathu ababonakele kumakhamera alesi sikhumulo sezindiza kungaba u-Ibrahim El Bakraoui.

Eminye imibiko ithi omunye walezi zilamani ogamalakhe lingakhishwanga uyathinteka kulezi zigameko zokuqhumisa isikhumulo sezindiza kanye nesiteshi sesitimela. — News24

Related Posts

I-ZIFA ikhala ngokwedlula emhlabeni kwabakhokheli beHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa INHLANGANISO yenguqu yakuleli, iZimbabwe Football Association (ZIFA), isiyethule amazwi enduduzo kulandela ukwedlula emhlabeni kwabakhokheli beqembu leHighlanders abathi umgcinisihlalo uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza. Ukwedlula…

Iyezi elimnyama kuHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa UMGCINISIHLALO weHighlanders uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza badlule emhlabeni kungozi yemota eyenzakale ngoLwesine ebusuku emgwaqweni weBulawayo-Harare. Kubikwa ukuthi abathathu laba bebevela eKariba ngemva komdlalo…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *