KUPHAZAMISEKE umkhuleko kwama yonke into ngesikhathi kutheleka amaNazaretha emcimbini wokugubha uSuku Lwamalungelo Abantu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini izolo.
AmaNazaretha afike ngesikhathi uMfundisi uVusi Dube eqondisa uhlelo lwamabandla ehlukene esesiteji, nalapho emise khona omunye wabefundisi ukuze kuhlonishwe abaKwaShembe.
Kulumcimbi bekukhona abatshumayeli ababili, owaseKuphakameni nowaseBuhleni, nabo abanikwe ithuba lokuthi bakhuleke. Emcimbini wayizolo bekukhona amahlelo ehlukene lokhu bekufakazelwa yimifaniswana yamabandla ehlukene ebigqokiwe.
Umcimbi bekulindeleke ukuthi uqale ngo-9 ekuseni kodwa ugcine uqala ngezithuba zawo 12 emini.
Abantu bebegcwele bebulala inyoka beqhamuka ezindaweni ezahlukene behamba ngamabhasi.
Okugqamile wubumbano njengoba bekuba nenhlokomo ngesikhathi kwethulwa abaholi abakhona emcimbini.
Nezokuphepha beziqinile kukhona imibutho eyahlukene. — Ubulembu




