DALLAS — Owayengunkosikazi womculi wase-Ukraine, uVadym Kholodenko, kusolwa ukuthi uklinye izingane zakhe ngaphambi kokuba azame ukuzibulala naye emzini waseFort Worth, eDallas indawo esemelika ngokusho kombiko wamaphoyisa.
USofya Tsygankova (31), uthweswe amacala okubulala ngoMsombuluko, ngokufa kukaNika (5), noMichela (1).
Usesibhedlela lapho athola khona ukwelashwa amanxeba okusolakala ukuthi uzilimaze yena wona, kusho amaphoyisa aseBenbrook.
Amaphoyisa athi izingane azithole emagunjini ehlukene kanti bekubukeka sengathi kade zifile, futhi eduze kwamakhanda ezidumbu bekunemiqamelo.
Utshele amaphoyisa ukuthi: “bengingasaliboni ikusasa nezingane zami”, wavuma ukuthi uzilimaze yena nokuthi uphuze inqwaba yamaphilisi.
Kusenjalo kulowesifazane weNairobi eKenye ongumama wezingane ezimbili uHannah Wanjiru oshaqise inkantolo ngesikhathi evele ngaphambi kukamantshi waseNairobi uCharity Oluoch.
UWanjiru uthi wayegula ngesikhathi efaka ingane yakhe ethangini eligcwele amanzi ngomhlaka-9 Ncwabakazi 2015 eKarinde eKaren.
“Ngangingaphilile ngintekenteke ngesikhathi sesigameko. Kukhona okwakungiphethe, ngigula,’’ usho njalo.
UWanjiru uncenge inkantolo ukuba imnciphiselwe isigwebo wathi unezingane ezimbili eneminyaka engu-9 nengu-2 ubudala, kubika iStdmedia. — Ubulembu




