UMTHUNYWA

UMusa Mseleku ethubeni lokuwola izindondo kumaNational Film & TV Awards South Africa

Usomabhizinisi osedume kuthelevishini uMusa Mseleku uqokwe kumaNational Film & TV Awards South Africa

UMusa Mseleku, odume ngohlelo oseludonse iminyaka olukhombisa impilo yakhe nomndeni wakhe, Uthando Nesithembu, usethubeni lokuqoqa izindondo kumaNational Film & TV Awards

South Africa azoba se-Emperors Palace, Ekurhuleni, ngoNovemba 19.

UMusa, ungomunye wabaqokwe kakhulu kule miklomelo okuzobe kungokwesine ikhona nonyaka.

Uqokwe emunxeni weCelebrity Personality of the Year lapho eqhathwe khona noBonang Matheba, Anele Mdoda, Minnie Dlamini, Somizi Mhlongo, Londie London nabanye.

Igama lakhe livela nasemunxeni weBest Male TV Personality lapho ebanga khona indondo noLawrence Maleka, Andile Ncube, Katlego Maboe, David Mashabela nabanye.

Izinhlelo zakhe Uthando Nes’thembu olukhombisa ngaye nesithembu sakhe kanjalo noMnakwethu ziqokwe koweBest Non-Scripted TV Series.

Intandokazi yomdlalo wakuNetflix, iThe Polygamist, uqokwe eminxeni ehlukene nabalingisi bayo.

Abalingisi abaqokiwe kubalwa uS’dumo Mtshali odlala indawo ephambili, Kwanele Mthethwa, Luyanda Zwane nabanye.

Ukuvota sekuvuliwe kwi-website yemiklomelo ethi, nationalfilmandtvawards.co.za lapho uhla oluphelele lwabaqokiwe lunamekwe khona.