Zilolonge ufake i-mask uvikele i-Covid 19

ABANTU baseAfrika sekumele bahlale bezilolonga baphinde bazivale ngama-mask ukuze baqinise imizimba bavikele iCovid-19.

UMphathintambo wezokuBusa ngokuBambisana uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, uthe abantu ngeke bakwazi ukuzivocavoca ngokwamaqembu, kodw abngakwenza nabodwana noma ngababili kanti izindawo zokuzivocavoca zisazovalwa. Kulabo abazivocavoca ngokugijima bavumeleke kuphela kusukela ngo 6 kuya ku-9 ekuseni.

“Ukuzilolonga umzimba kuzovunyelwa ngaphansi kwezimo eziqinile. Imidlalo ehleliwe noma ezejubane ayivumelekile. Ukuvakashela abangane, omakhelwane nezihlobo akuvumelekile,” kuqhuba uDlamini-Zuma.

Uthe ukwanda kwe-Lockdown ku-Level 4 akusho ukuthi sekuwukuphela kokuvalwa, kepha ukuchyaze njengendlela yokulungisa ubungozi okuvalwe buphoqa ukuvumela umnotho ukuthi uphinde uqale kabusha,
Uma uphuma endlini yakho, kufanele ugqoke i-mask yendwangu, kuphoqelekile ukwenza lokho kuwo wonke umuntu.

“Siyazi ukuthi lama-mask kungenzeka angatholakali kalula kodwa ungasebenzisa isikhafu, isikibha nemihlahlandlela
etholakala kwi-website yezempilo ukuzenzela yakho,” uDlamini-Zuma.

Umsubathi waseMlazi uphawule kanje:“Sekungcono kakhulu njengoba sesikwazi ukuthola imvume yokuzivocavoca ngaphandle emigwaqeni njengoba bekuthiwa asijime emakhaya, sesiyakwazi nokuyoshaya umgwaqo kanti nasekhaya akujimeki kahle ngoba indawo yincane futhi asikujwayele. Sibonga kona lokhu ukuthi sinikwe imvume noma isikhathi
sisincane nje kodwa ngeke kufane,”esho.

Related Posts

UMongameli uMnangagwa uqeqetsha abafundi beNUST abangu-2 570

Yintatheli kaMthunywa KUME konke koBulawayo, kwaba yinjabulo mgoLwesihlanu kuqhutshwa umbuthano wokwetheswa kwezicoco zemfundo kubafundi beyunivesithi ye-National University of Science and Technology. Abafundi abangu-2 570 baphiwe incwadi zabo zokuqeda izifundo nguMongameli…

Iminyaka emithathu ejele, bezama ukubulala isisebenzi

  Nkosilathi Sibanda KULAMADODA amabili akoBulawayo agwetshelwe ukuyahlala ejele iminyaka emithathu kulandela ukuzama ukubulala enye indoda abasebenza layo. Lokhu kuvele ngesikhathi uNjabulo Mpofu (31) owelokitshini leMabuthweni lo Clinton Mlilo (27)…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *