Indoda igwetshwe iminyaka engu-150 ngokudlwengula ona-12

Los Angeles — Igixabezwe iminyaka engu-150 ibhadle ejele indoda yaseLos Angeles ngoMsombuluko ngelokudlwengula intombazane eneminyaka engu-12 ubudala ngesikhathi iseRussia yaqeda yayithembisa ukuyishumpula ikhanda uma ike yabikela iziphathimandla.

IJaji lenkantolo yesiFunda e-US u-Otis Write ubize uYusef Abramov, 58, ngomalugaju ngesikhathi egixabeza ngesigwebo.

Ngokusho kwamaphepha asenkantolo u-Abramov oyisakhamuzi sase-US naseRussia ubehlukumeza izingane zesikole ngesikhathi elokhu evakashela eRussia.

NgoJuni ngo-2009, wadlwengula intombazane, 12, wayisongela ngokuyishumpula ikhanda mase edlala ibhola ngekhanda layo uma ingase ibikele abantu ngokuhlukunyezwa kwayo.

Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa waphinde wavakashela eRussia wafike wahlukumeza amantombazane asemancane khona.

NgoMashi ngonyaka olandelayo u-Abramov ekholwa wukuthi izisulu zakhe zabikela amaphoyisa ngezigameko zokuhlukunyezwa nguye yena nabangani bakhe bahlasela izingane bazidlwengula beshintshana ngazo.

Umshushisi ubecele ukuba u-Abramov agwetshwe iminyaka engu-45 ejele kodwa uWrite wabona kungcono amugwebe engu-150 ebhadle ejele ukuze izisulu zakhe zizo khululeka ngaphakathi zazi ukuthi awekho amathuba okuthi asheshe adedelwe.

U-Abramov waboshwa ngo-Epreli 2014 ngemuva kophenyo lweziphathimandla zase-US nezaseRussia. —Ubulembu

Related Posts

I-ZIFA ikhala ngokwedlula emhlabeni kwabakhokheli beHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa INHLANGANISO yenguqu yakuleli, iZimbabwe Football Association (ZIFA), isiyethule amazwi enduduzo kulandela ukwedlula emhlabeni kwabakhokheli beqembu leHighlanders abathi umgcinisihlalo uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza. Ukwedlula…

Iyezi elimnyama kuHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa UMGCINISIHLALO weHighlanders uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza badlule emhlabeni kungozi yemota eyenzakale ngoLwesine ebusuku emgwaqweni weBulawayo-Harare. Kubikwa ukuthi abathathu laba bebevela eKariba ngemva komdlalo…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×