Ipholisa lidubula unkosikazi

KUVELE ukuthi bese lilobola omunye wesifazane iphoyisa eliboshelwe icala lokubulala inkosikazi yalo engumhlengikazi ngeledlule.

UNkkz Thabisile Doyisa (46) wadutshulwa eqeda ukungena emzini wakhe oseNapierville, eMgungundlovu, ephuma emsebenzini.

Umyeni wakhe, uMnu Nkosinathi Shangase (43), osebenza ophikweni lwePublic Order Policing (POP) eMgungundlovu, uvele izolo eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngecala lokubulala.

Icala lihlehliselwe uMeyi 4, usuku ayocela ngalo ibheyili.

Isolezwe lithole ukuthi uShangase wahilizisana nenkosikazi yakhe eyayisafake umfaniswano wasemsebenzini.

Kuthiwa udutshulelwe phambi kwezingane zakhe.

Kusolwa ukuthi uShangase wathatha isibhamu wadubula inkosikazi yakhe maqede wabaleka.

Kuthe sekugcwele amaphoyisa wabuyela emzini wakhe wazinikela kuwo.

Kwenzeka lokhu nje kuvele ukuthi umsolwa ubezama ukwehlukana nenkosikazi njengoba ubesevele elobola omunye wesifazane wakhona eMgungundlovu.

Umthombo weSolezwe osondelene nodaba nongathandanga ukudalulwa uthe indaba yengoduso ivele emuva kokufa kukaDoyisa.

“Kuthe uma isishonile inkosikazi kwavela ukuthi kunengoduso aseyilobolile uShangase. Inkosikazi ibingazi lutho ngayo. Kusolakala sengathi ubevele engasafuni ukuqhubeka nomshado wakhe, yingakho edubule inkosikazi,” kusho umthombo.

Udaba lwengoduso kuthiwa lukhulunyelwa phansi nasemndenini yabo bobabili njengoba bengafuni ukuba ivele emphakathini.

Kuvele nemibiko yokuthi uDoyisa noShangase besebehlala bexabana emzini wabo.

UDoyisa ulokhu asebenza esibhedlela i-Edendale kusukela ngo-1992. UDoyisa kuthiwa ubefunde wagogoda kwezokubelethisa. Kuthiwa sikhulu isililo ngaye kozakwabo esibhedlela.

Izingane zakhe kuthiwa zithathwe yizihlobo ngenxa yokuthi zisencane — endala ineminyaka ewu-11, enye ineyisikhombisa, eyokugcina ineminyaka emine.

Imizamo yokuxhumana nengoduso nemindeni ukuba iphawule ayizange iphumelele izolo.

Amaphoyisa asematasa athungatha abasolwa ecaleni lokubulawa komhlengikazi wasesibhedlela i-Grey’s khona eMgungundlovu.—Ubulembu

Related Posts

I-ZIFA ikhala ngokwedlula emhlabeni kwabakhokheli beHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa INHLANGANISO yenguqu yakuleli, iZimbabwe Football Association (ZIFA), isiyethule amazwi enduduzo kulandela ukwedlula emhlabeni kwabakhokheli beqembu leHighlanders abathi umgcinisihlalo uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza. Ukwedlula…

Iyezi elimnyama kuHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa UMGCINISIHLALO weHighlanders uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza badlule emhlabeni kungozi yemota eyenzakale ngoLwesine ebusuku emgwaqweni weBulawayo-Harare. Kubikwa ukuthi abathathu laba bebevela eKariba ngemva komdlalo…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *