INGWAZI yemidlalo yeshashalazi, uDokotela Mbongeni Ngema, isizaphumula ngokuthula lapho elele khona ngemva kokufezeka kwephupho layo leminyaka. Ngaphambi kokudlula emhlabeni ngoMpalakazi 27, 2023, uNgema wayematasatasa ngamalungiselelo okusungula isikhungo iMbongeni Ngema Academy.
Sekungumlando ukuthi uNgema, wodumo lweSarafina, watshonela esibhedlela i-Adelaide and OR Tambo Memorial eMbizana, e-Eastern Cape ngemva kokuba engozini yemota eyamehlela ephuma emngcwabeni kazakwabo eLusikisiki.
UNgema usungula lesi sikhungo nje, wayesekhiqize inqwaba yabosaziwayo abahlonitshwayo kuleli okubalwa kubo oSomizi Mhlongo, Sindi Dlathu, Leleti Khumalo,Wendy Mseleku, Mfana Jones Hlophe, Thulani Didi, Zimdollar Biyela, Bingelela Mpanza labanye abanengi.
Indodana kaNgema, u-Africa, ithe iMbongeni Ngema Academy izoqala ukuqeqetsha amaciko aphokophele ukuzifukula ngolwazi amasonto ayisitshiyagalombili, eBat Centre eThekwini kusukela ngo-Okthoba 6 kuya kuNovemba 8 kulo nyaka.
U-Africa ubambisene kulesi sikhungo lonina uNompumelelo Ngema, uNtombi Ngema oyi-Chief Operations Officer yalesi sikhungo noSihle Bam oyi-Chief Executive Officer.
“Leli bekuliphupho likababa. Wayefuna ukunikeza abaculi abatsha indawo yokufunda, yokukhula, lokuqhakambisa amasiko ethu. Sajabula kuphakanyiswa iPlayhouse njengendawo engaguqulwa ibizwe ngeqhawe uDkt Mbongeni Ngema. Sasithi kuzovuleka naso isikhala sokulolonga abathanda umkhakha weshashalazi kepha kwaphelela emoyeni. Ubaba nokho usifundisile ukuphikelela, nokuqhubeka nemibono esinayo noma kunzima kangakanani. Sibonga iBat Centre ngokuvula ithuba lokubambisana.”
U-Africa uthe okuzokwenza isikhungo sikayise sihluke kwezinye wukuthi kusona umuntu uzothi efunda athole amava emkhakheni wokulingisa.
“Maningi amathuba okuthi uma kuphela ukulolongwa kungeneke emsebenzini. Lokhu kunikeza abafundi ithuba eliyingqayizivele lokufunda nokudlala emidlalweni yangempela. Izifundo sizohlanganisa ukuqeqeshwa okujulile kokudansa, ukulingisa nokucula. Konke kwesekwe emisebenzini nasezinkolelweni zobuciko zikaDkt Ngema.Sinikeza abaculi abasha ithuba lokungena emibonweni yakhe yokucija. Ukubhalisa kuvuliwe, okunikeza abaculi abasha ithuba eliyingqayizivele lokufunda kochwepheshe abaphethe umoya nezimfundiso zenkakha kubalingisi, uDkt Mbongeni Ngema.”
USihle uthe ujabule ngokuthi ligcine lifezekile iphupho likaNgema.
“Sibongela abafundi abazoqeqeshwa eMbongeni Ngema Academy ngoba bazothola ulwazi oluphezulu kakhulu nokulolongwa ngongoti kulo mkhakha.”
UNtombi uthe bayakuthakasela ukwethulwa kwalesi sikhungo ngoba yiso kuphela isikhungo sezemfundo kwezobuciko esinezinhlelo ezisezingeni lomhlaba futhi ezihlala zifuneka.
“Umbono wethu wukuhlonza ikhono,siqeqeshe, futhi sakhe amathuba okuqashwa aqhubekayo emacikweni aseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe,” kusho uNtombi.-Isolezwe




