ISASHAQEKILE imindeni yabesifazane ababili baseFlagstaff, e-Eastern Cape abebeyizihlobo, uNkszn Zesipho Makunga (22) noNkszn Nocawe Makhala (25) nesoka lakhe (24) ebelimvakashele emijondolo yaseBeachway kwaShembe, eClermont abashe bangqongqa ezintatha zayizolo.
Lo mlilo ushiye nemindeni engu-18 ingenamakhaya.
Yize kungakaqondakali ukuthi umlilo ususwe yini kodwa kukholakala ukuthi laba bobathathu bebelele ngesikhathi uqala.
Kusolakala nokuthi usuke ezindlini zabo ebezisondelene.
Kukholakala ukuthi owesilisa igama lakhe elisagodliwe ngoba kungakabikelwa umndeni uphume kubo eyovakashela intombi yakhe.
Ubabekazi wakhe, uthe indodana yomfowabo ibivakashele intombi yayo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Uthe ibilala endlini engaphandle nomfowabo kodwa ibike ihambe iye entombini yayo. Ubengasho ukuthi uya khona kodwa bebazi ukuthi uke ahambe.
Ubabekazi wakhe uthe ngesikhathi ebona ukuthi kuyasha emjondolo uphume egqoke izimpahla zokulala ngoba ezibuza ukuthi ngabe akekho yini lapho okusha khona.
Uthe amanye amalungu omphakathi athe ambonile ephuma nentombi yakhe okumenze wathemba ukuthi uyaphila.
“Ngiqale ngazitshela ukuthi kusho ukuthi uphumile ngempela ngesikhathi kuthiwa kutholakale amathambo omuntu oyedwa.
“Ngibone uma sekushiwo ukuthi kutholakale amathambo abantu abathathu ukuthi kusho ukuthi naye ubekhona lapho,” kusho yena.
Uthe kubuhlungu njengoba indodana yomfowabo kuthiwa ishe izama ukuphuma endlini.
Yona nentombi yayo batholakale beseduze kwesicabha, owesifazane engemuva.
“Umfowabo uthe ngesikhathi efika endlini yabo bamtshela ukuthi bazama ukuphuma kodwa isicabha abasiboni ngenxa yelangabi lomlilo nentuthu.
Naye uzamile ukusikhahlela isicabha kodwa wahluleka ngoba bebevala ngeketanga endlini.
Ilangabi belinamandla kakhulu bashonele khona lapho,” kusho ubabekazi wesoka likaNkszn Makhala.
Izolo emini amalungu emindeni abesaqhubeka nokubheka amathambo alabo abashonile.
Izihlobo zabo ezihlala eduze kwalapho obekuhlala khona uNkszn Makunga obefunda eLangeni College noNksz
Makhala obesanda kuthola umsebenzi eNew Germany, zithe zizwe abantu bekhala ngemuva kwehora lokuqala ekuseni.
Ngesikhathi zifika amalangabi omlilo abese evele engasalawuleki.
UNkkz Nomthathela Mhlehliso, oyisihlobo sikaNkszn Makunga uthe naye uthuswe yisililo.
Ngesikhathi bephuthuma bafice izindlu zabo sezigubuzelwe yilangabi.
“Besizitshela ukuthi bona baphumile ngoba kukhona abebethi bababone bephuma.
Kuze kwavela ngoba sekufike laba abacisha umlilo ukuthi bashonele endlini,” kusho uNkkz Mhlehliso.
Ikhansela lendawo, uMnu Sibongiseni Mkhize lithe ilinganiselwa ku-18 imindeni esale dengwane ngenxa yomlilo.
Uthe le mindeni isele nezimpahla ebizigqokile.
“Okwamanje siyazama ukuthi siyisize imindeni kodwa siyaludinga kakhulu usizo lomphakathi kulokhu.
Asinayo nendawo eyenele engakwazi ukugcina yonke imindeni.
Amanye amalungu omphakathi asezibophezele ekuhlaliseni eminye imindeni ngesikhathi sisazama ukuyitholela usizo.
Sinxusa umphakathi ukuthi ufake isandla lapho ongasiza khona,” kusho uMkhize.




