Kubhekwe lukhulu kuCaster Semenya

NGEMUVA kweminyaka emibili umgijimi waseNingizimu Afrika, uCaster Semenya, engabonakali emiqhugelwaneni emikhulu emhlabeni, lisekhona ithemba lokuthi angaphinde enze ilizwe leli  liziqhenye ngaye uma eseyibambe ku-IAAF World Championship ezoba seBeijing, eChina kusukela mhlaka 22 Ncwabakazi kusiya ku-30 Ncwabakazi.

USemenya (24) uzibekisele indawo kule midlalo sekuvalwe amehlo kwazise kwase kusele izinsuku ezimbalwa kufike umnqamulajuqu wokuthi kuqokwe iqembu elizomela iNingizimu Afrika. Uqophe isikhathi esingu-2:00:72 eLinz, e-Austria ngasekuqaleni kwenyanga. Ukwenze lokhu ngemuva kokuxinwa wukulimala obekumhlasele eminyakeni edlule.

Insephe eyazakhela igama inqoba izindondo ku-800m okuyibanga eligijinywa uSemenya, uHezekiel Sepeng, ithe yize sekunesikhathi lo mgijimi odabuka ePolokwane engabonakali emijahweni emikhulu emhlabeni kodwa likhulu ithemba lokuthi angakwazi ukuphephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika ngokubuya nendondo eBeijing.

“Ngikholwa wukuthi uma isibuye ngokwanele ifomu yakhe uzokwazi ukwenza izinto ezinhle njengaphambilini.

Ngokwami kufanele simnike ithuba uCaster kwazise usebhekane nezimo ezinzima, ehlushwa wukulimala waphinde washintsha nabaqeqeshi okuyinto engelula.

“Njengamanje uphekwa owayengiqeqesha (uJean Verster) futhi ngikholwa wukuthi uzolinyusa izinga lakhe.

Ngokwami ifomu yakhe ibuye ngesikhathi esifanele sekusondele amaWorld Champs. Ngiyambona ebuya nendondo,” kusho uSepeng owanqoba indondo yesiliva kuma-Olympic e-Atlanta ngo-1996.

USemenya waqala eqeqeshwa uMichael “Sponge” Seme owanqoba naye igolide, wadlulela kuMaria Mutola njengoba esekuVerster.

Wazenzela igama emhlabeni enqoba igolide ku-800m emidlalweni yamaWorld Champs ngo-2009, eGermany. Ube eselandelisa ngesiliva eDaegu ngo-2011 wabe esethola isiliva kuma-Olympic eLondon ngo-2012. Uhlushwe wukulimala njengoba engazange abe seqenjini lemidlalo yango-2013 nakumaCommonwealth Games eGlasgow nyakenye. — Ubulembu

Related Posts

Ziyawa eGwanda

Abaculi beSouth Africa, amaQ Twins, sebefikile kuleli ngemva kokuphuthelwa luhambo lwabo lokuqala ngenxa yokulahleka kwamaphasipoti abo. Amawele la, afike elizweni ehamba lomculi odume ngengoma ethi “Uyoncengwa Ngunyoko”, uMafikizolo, njalo bonke…

Konke sekumi ngomumo kuBulawayo Arts Festival

Langalakhe Mabena KONKE sekumi ngomumo kumcimbi wezomculo oweKings and Queens Concert ozaqhutshwa ngaphansi kweBulawayo Arts Festival (BAF) mhlaka 4 Nhlangula. Umcimbi lo uxhaswa yikhansili yedolobho lakoBulawayo njalo uyingxenye yemcimbi yokuthakazelela…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×
×