Sebengaphezulu kuka-700 ababotshelwe ukuzithaphela

UNGQONGQOSHE wamaPholisa kuleli uMnumzana Bheki Cele, uthi sibheke ku-800 isibalo sabantu ababotshelwe izehlakalo zokuzithaphela ezitolo ezindaweni ezehlukeneyo eGauteng leKwaZulu-Natal.

UCele uveze lokhu ekhuluma labezindaba namuhla (ngoLwesibili) ekuseni lapho eveze khona ukuthi amapholisa awalele, enza konke okusemandleni ukunqanda isimo.

Ebuzwa ngesibalo sabantu asebeboshiwe, uthe noma engeke akwazi ukukhipha isibalo esiqondile ngoba kuyimanje abantu bayaboshwa, babalelwa ku-757 asebeboshiwe. Kuboshwe abawu-304 eKZN kanti eGauteng sekuboshwe 453.

Amaphoyisa asegxekwe kakhulu ngokuhluleka kwawo ukunqanda imibhikisho egcine isiphendula okwamazitapele izitolo ezihlukene.

UCele uthe kuningi amaphoyisa aphumelelile kukho noma kungaveli kwithelevishini. Uthe ziningi izitolo abakwaze ukuzivikela KwaZulu-Natal futhi isimo sibe ngcono eMooi River sekufike amaphoyisa.

“Umsebenzi wamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi isimo asishubi kakhulu kodwa lokho kumele akwenze ngaphandle kokufa kwabantu. Kumele avikele ingqalasizinda kodwa futhi ngakolunye uhlangothi akumele kulahleke izimpilo zabantu. Iyona into esiyenzayo njengamanje,” uchaza kanje.

UCele uthe bawu-10 kuya ku-12 abantu amaphoyisa abaphenyayo ngokugqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana.

Amalungu omphakathi kwezinye izindawo aphume ngobuningi bawo, nawo azama ukuvikela ingqalasizinda yamabhizinisi nezindawo zomphakathi.

UCele ubashayele ihlombe abenza lokhu kodwa wathi bangalinge bazithathele umthetho ngokwabo.

Nakuba uMengameli wezwe, uMnumzana Cyril Ramaphosa ezame ukukhuza udlame nokwebiwa kwempahla ezitolo, izolo ebusuku, nanamhlanje ekuseni abantu bebesaqhubeka nokuzitapela nokushisa izitolo.

Kuhlaselwe izitolo zakwaMakro eCornubia naseMgungundlovu. Enkabeni yeTheku abantu bebesaqhubeka nokuzithapela ezitolo ezihlukene emgwaqweni uPixley kaSeme.

Related Posts

I-ZACC ihlola amacala obugwelegwele angu-517, kubotshwe abangu-90

Nkosilathi Sibanda IKHOMISHINI yeZimbabwe Anti-Corruption Commission (ZACC) yamukele imbiko engu-517 yobugwelegwele elizweni lonke phakathi kukaZibandlela kusiya kuNcwabakazi lonyaka, njalo isabelo seHarare yiso esilamacala amanengi. Kusitatimende esikhitshwe nguMgcinisihlalo we-ZACC uMnumzana Michael…

Ukunonisa inkomo zenyama zingakathengiswa

YiNtatheli kaMthunywa NGENXA yokuba umkambo wenyama umkhulu kuleli kuqakathekile ukuthi abalimi abakubhizimusi yokufuya lokuthengisa inkomo zenyama babe lolwazi lokunonisa inkomo zabo ukuze benelise ukubona ukuba labo abafuna inyama bayayithola. Ekhuluma…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×