UMTHUNYWA

Ubuyela ku-gospel uJudith Sephuma

KUMTHETHE iminyaka engu-9 ukubuyela emculweni wezokholo uJudith Sephuma, omatasa ngokulungiselela umcimbi wakhe obizwa ngokuthi, A Worship Experience, ozakuba seTheatre of Marcellus, e-Emperors Palace, eGoli, mhlaka 27 Lwezi lonyaka.

UJudith, osanda kuba sematheni ngokuphuma kowamanqamu emncintiswaneni wohlelo lukamabonakude, iThe Masked Singer SA lapho ebecula khona ezifihlile, uthe ukuba kuloluhlelo kumnike ithuba elaneleyo ukuzilungiselela ukubuyela emculweni wezokholo.

“Kulolu hlelo ngikwazile ukuphuma kancane ekubeni nguJudith, ngenze into ehlukile kakhulu kulaleyo abangazela yona,” kutsho yena.

Uthe ukuhamba ibanga elimfinyelelise kowamanqamu kulolu hlelo, kumenze wabona ukuthi akayena nje umculi wohlobo oluthize lomculo kodwa ungumculi jikelele, okwaziyo ukusabalala enze lezinye izinhlobo zomculo.

UJudith uzakhele udumo ecula umculo we-jazz le-soul, ngokuhamba kwesikhathi usabalale wangena ku-gospel njengoba eke wacula leqembu iSpirit Of Praise. Uthe lakuba bese kulesikhathi ephumile ku-gospel, ubone kufanele ukuba aphinde azibonakalise kulolu hlobo lomculo.

UJudith useke wakhipha izingoma okubalwa kuzo iCry, A Smile, A Dance, iMmangwane, I

Remember lezinye. Uthe ngemva kwalo mcimbi uzobe esehlela imicimbi yokuhambela amadolobho ehlukeneyo kweleSouth Africa lapho azobe ezwisa khona abalandeli bakhe izingoma azobe eziqophe kuwo.

— Ubulembu