JOHANNESBURG— Kuhlehliselwe inyanga ezayo ukugwetshwa kowesifazane oneminyaka engu-20 ngecala lokudayisa ingane yakhe enezinyanga ezingu-19 kwi-website iGumtree ngo-R5 000.
UNkszn Zama Madlala wase-Azalea, eMgungundlovu uchiphize izinyembezi etshelwa ukuthi ngeke agwetshwe izolo yinkantolo yeMantshi eMgungundlovu kodwa useyoze agwetshwe ngoMeyi 4 nonyaka.
Izolo bekulindeleke ukuthi agwetshwe kule nkantolo kodwa iMantshi uRose Mogwera yacela ukulihlehlisa icala ikhala ngokuba matasa.
“Okwanamhlanje angikwazi ukukugweba, ngicela ungibekezelele. NgoMeyi 4 ngizobe sengiyakwazi ukukhipha isigwebo sakho,” kusho uMogwera.
UNkszn Madlala ungene ebhokisini labasolwa umlomo wakhe ewupende waba-pink, efake ishethi elimhlophe nebhulukwe eliwudangara.
Kuthe imantshi imtshela ukuthi iyakuhlehlisa ukumgweba wacikica amehlo, esula nezinyembezi.
Uvele wehla ebhokisini waphumela ngaphandle kwenkantolo wahamba nabebemphelezele.
Evuma icala ekuqaleni konyaka waveza ukuthi uyise wengane wenza ulibofuzo wathola ukuthi ingane akusiyona eyakhe nokuyilapho izinkinga zakhe ziqale khona.
Wathi le ndoda yamthumelela i-SMS emtshela ukuthi imiphumela yolibofuzo iveze ukuthi ingane akusiyona eyakhe ngakho ufuna abuyise imali abeyondla ngayo.
Ngokwe-SMS kuvele ukuthi wathi ufuna u-R24 000.
Lo wesilisa wayekade eyondla ingane kusukela izalwa, imali ayeyicela yayizoba yisinxephezelo ngezindleko zakhe.
UNkszn Madlala wathi ngenxa yokungasebenzi wabona kungcono adayise ingane ukuze kuzoba khona imali azoyikhokha kulo wesilisa.
Ebuzwa yinkantolo ukuthi ngabe wayibona yini imiphumela yolibofuzo okwakukhulunywa ngayo kwi-SMS, uthe akayibonanga wayekukholwa okwakubhalwe kwi-SMS.
Nangesikhathi evuma icala uNkszn Madlala wayelokhu echiphiza izinyembezi.
UNkszn Madlala uboshwe ngo-Okthoba ngonyaka odlule ngemuva kokuvela kwesikhangiso kuGumtree lapho ayesho khona ukuthi udayisa ngengane yakhe.
Kukhona owasibona isikhangiso wabe esebikela amaphoyisa ngokushesha.
Amaphoyisa amcupha azenza abathenga ingane ngo-R5 000. Eseyithathile imali yokudayisa ingane yakhe, amaphoyisa abe esembopha, athatha ingane ayinikeza osonhlalakahle.
Kumanje ingane isagcinwe ngosonhlalakahle njengoba icala liqhubeka.
UNkszn Madlala wanikezwa ibheyili ka-R2 500. — Ubulembu




