Kuthungathwa unina wosana olutholwe ehlathini

KUTHUNGATHWA unina wosana obelusanda kuzalwa olutholwe lulahlwe esikhotheni lufakwe kucwazi womgqomo oluhlaza eMadanyini, kwa-J, eMlazi, izolo ekuseni.

Kuthiwa lolu sana obelugoqwe ngengubo yokulala lutholwe ngezithuba zawo-3.30 ekuseni ngumlisa obephuthuma isitimela sokuqala.

Lo mlisa kuthiwa uzwe isililo salolusana obelukhala ehlathini eliseduze komgwaqo.

Ngokusho kwelungu lomphakathi elihlala eduze nalapho okutholwe khona usana, kubukeka sengathi unina wosana ubengaqondile ukulibulala.

“Le ngane itholwe igoqwe ngengubo, ifakwe kuplastiki womgqomo kepha obungafasiwe. Ibibekwe ehlathini eceleni komgwaqo. Kungenzeka ukuthi umama wale ngane ubenzela ukuthi itholwe ngabantu. Kube yinhlanhla ukuthi isheshe itholwe yilo bhuti ngaphambi kokutholwa yizinja. Itholwe ikhala, igcwele izintuthane,

okungenzeka ukuthi bese ziyincinza,” kusho ilungu lomphakathi.

Uqhube wathi akaboni ukuthi kube ngumqondo omuhle ukulahla ingane.

“Ubengayihambisa kosonhlalakahle ukuze ithole ukunakekelwa okufanele. Ukube ibitholwa yisigilamkhuba ubezothini? Sifisa sengathi amaphoyisa angamthola ambophe. Sijabulile isithathwa amaphoyisa, siyifisela inhlanhla sengathi ingakhula ibe wutho ngelinye ilanga,” kuqhuba leli lungu lomphakathi.

Uthe nabo bewumphakathi bazisungulele olwabo uphenyo ngokuhamba bebheka bonke abesimame abebekhulelwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya icala lokulahlwa kwengane. — Ubulembu

Related Posts

Ziyawa eGwanda

Abaculi beSouth Africa, amaQ Twins, sebefikile kuleli ngemva kokuphuthelwa luhambo lwabo lokuqala ngenxa yokulahleka kwamaphasipoti abo. Amawele la, afike elizweni ehamba lomculi odume ngengoma ethi “Uyoncengwa Ngunyoko”, uMafikizolo, njalo bonke…

Konke sekumi ngomumo kuBulawayo Arts Festival

Langalakhe Mabena KONKE sekumi ngomumo kumcimbi wezomculo oweKings and Queens Concert ozaqhutshwa ngaphansi kweBulawayo Arts Festival (BAF) mhlaka 4 Nhlangula. Umcimbi lo uxhaswa yikhansili yedolobho lakoBulawayo njalo uyingxenye yemcimbi yokuthakazelela…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×
×