SEKUSUKE umsindo ngamaqembu omculo asolwa ngokukhonza uSathane, azoba namakhonsathi kwele-South Africa osekwenze amakholwa aqale umkhankaso wokuwavimba.
Amakholwa angaphansi kwenhlangano iChristians South Africa, asebhale incwadi efakwe kwi-website yeGoPetition lapho kugqugquzelwa nabanye ukuthi bavimbe iBehemoth yasePoland neRotting Christ yaseGreek.
Encwadini kunxenxwa amakholwa ukuthi agqugquzele ukudutshwa kwamakhonsathi nezindawo azokwenzelwa khona okuyiBassline eGoli neThe Assembly eCape Town.
“Kunabahleli bemicimbi abadukisa imiqondo yabantu ngokuvumela ukufika kwamaqembu ahambisana nenkolo kaSathane, azocula ezweni elihle kangaka.
Kukhona abafuna ukufeza izinhloso zabo ngokudumisa imimoya yamadimoni noSathane.
Uma singeke sikwazi ukuvala lezi zinkampani, okungenani asifake ingcindezi kubhuntshe amakhonsathi,” kusho incwadi.
Inkampani ehlela lama khonsathi, okuyiWitchdoctor Promotions, ikuqinisekisile kwi-website ukuthi izoletha iBehemoth eGoli ngoMashi 26 nangoMashi 27 eCape Town.
Phambilini le nkampani ibikade imaketha nekhonsathi yeRotting Christ, nayo obekuthiwa iyeza ngenyanga ezayo.
Phakathi nesonto abahleli babuye babhala ukuthi isihlehlile.
“Siyaxolisa ukuthi iRotting Christ ngeke isakwazi ukuba nekhonsathi kuleli ngenxa yokungathengwa kwamathikithi.
Izindaba ezimnandi wukuthi iBehemoth isazoqhubeka nekhonsathi ngezinsuku ezibekiwe.
Uma ufuna ukuzwa sengathi isikhumba sakho siyahlephuka, kumele nakanjani uze kule khonsathi,” kusho isitatimende seWitchdoctor Promotions.
Izolo isitatimende esisha bese siveza ukuthi sekuqinisekisiwe ukuthi iRotting Christ izoba nekhonsathi eBassline ngoJulayi 1 naseCape Town e-The Assembly ngoJulayi 2.
Leliqembu eline-albhamu entsha ethi Ritual kuthiwa lizobe liqala ukuza e-Afrika.
Isolezwe lithole ukuthi akuqali ukuthi iWitchdoctor Promotions isolwe ngokuletha amaqembu obuSathane kuleli.
Ngo-Ephreli odlule kwabhuntsha amakhonsathi amathathu eWitchfest ngenxa yengcindezi yezinhlangano zamakholwa ezaziphikisana nayo.
Amakhonsathi kwakulindeleke adayise amathikithi angu-10 000 ikhonsathi ngalinye kodwa agcina ethengwe abangu-2 000.
Ngo-2009 umholi weBehemoth u-Adam Darski wavulelwa icala ngamakholwa emuva kwekhonsathi yasePoland eyayingo-2007
lapho adabula khona iBhayibheli walibiza ngencwadi edukisayo.
Amakholwa athe lokhu kuthunaza inkolo yobuKristu.
Ngo-2011 ijaji lamthola engenacala uDarski owazivikela ngokuthi ukudabula iBhayibheIi kuyingxenye yobuciko ababukhombisa esiteji.
Isitatimende esithunyelwe ngabahleli bekhonsathi yeBehemoth sithe sebeyazi ngencwadi yamakholwa.
“Yize iNingizimu Afrika inamaKristu amaningi, uma sekukhona abavimbela inkululeko yabanye yokulandela umculo abawuthandayo, kuyinkinga,” kusho isitatimende. — Ubulembu




