URingo uthembise ukukhipha i-albhamu entsha

INKAKHA yomculi we-afro soul, uRingo Madlingozi, umemezele ukuthi uzakhipha i-albhamu yakhe entsha lonyaka.

URingo uveze lokhu ngenkathi enandisa eYadini Lounge eMlazi ngoMgqibelo ebusuku lapho eshaye khona into ecokeme ecula izingoma zakhe ezingasoze zabuna nalezo asanda kuziqopha.

Emaculweni awashayile kubalwa iSondela, Kum na Kum, Ndiyagodola, UThando, namanye abeculisa abantu abaningi kwazise abantu bebesemoyeni wezingoma zothando kule mpelasonto njengoba izolo bekuwusuku lwezithandani.

“Ngizokhipha i-albhamu yami entsha maduze ezobe iqukethe izingoma engicabanga ukuthi abantu abaningi bazozithakasela.

“Kukhulu okuzayo, abantu bazoqala bawuzwe umculo wami omusha maduze,” kusho uRingo ogcine ukukhipha i-albhamu ngo-2014 ethi Vulani.

UDJ Syanda, obengomunye wabantu abebenandisa kule ndawo uqhulule izingoma ze-RnB zakudala eziculise abantu.

Ngokwenjwayelo oDJ ebusuku badlala umculo we-house kodwa lo DJ ukhumbuze abantu izingoma zothando edlala ngisho eyeMafikizolo eMlanjeni.

Emva kwalo DJ kungene uJoocy naye oshintshe iculo lakhe uThandekile walishaya ngesigqi esiphansi kunesijwayelekile.

Kuke kwathi ukuphazamisa imvula kancane kodwa abantu babekezela bahlale ngisho sebenethwa. — Ubulembu.

Related Posts

I-ZIFA ikhala ngokwedlula emhlabeni kwabakhokheli beHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa INHLANGANISO yenguqu yakuleli, iZimbabwe Football Association (ZIFA), isiyethule amazwi enduduzo kulandela ukwedlula emhlabeni kwabakhokheli beqembu leHighlanders abathi umgcinisihlalo uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza. Ukwedlula…

Iyezi elimnyama kuHighlanders

YiNtatheli kaMthunywa UMGCINISIHLALO weHighlanders uKenneth Mhlophe, umsekeli wakhe uFiso Siziba lomgcinisikhwama uNkani Khoza badlule emhlabeni kungozi yemota eyenzakale ngoLwesine ebusuku emgwaqweni weBulawayo-Harare. Kubikwa ukuthi abathathu laba bebevela eKariba ngemva komdlalo…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *