BAFUNA zimkhalele “umfundisi” webandla labasindisiweyo uMnumzana Arthur Manqoba Shabalala oyanyaniswa lokufa kwesihlobo sakhe esasiphila lokugogeka, uNkosazana Thuleleni Deanne Shabalala (53), isidumbu sakhe esatholakala sigqitshelwe ethuneni elakhonjwa ngumsolwa.
Lokhu kutshelwe intatheli ngumndeni wakoShabalala Embo, eMolweni, ngomlomo kaNkosazana Thembi Zuma ongudadewabo kamufi kodwa abasebenzisa izibongo ezingefani. Kusanda kubuya imiphumela yolibofuzo ehlonze ukuthi nguye umufi lo okwambiwa isidumbu sakhe. Umufi wanyamalala ngePhasika lango-2023, isidumbu sakhe sakhonjwa ngumsolwa ngoMbimbitho lonyaka.
UNkzn Zuma uthi phezu kwezinsolo zokubulawa kukadadewabo ezibekwe uShabalala, bafisa aphinde athathelwe izinyathelo ngokwenza inkohlakalo yokwenza isitifiketi sokutshona sikamufi, okuthiwa siveza ukuthi wazitshonela ngokwemvelo, ekubeni imiphumela iveza ukuthi wabulawa.
Amaphephandaba abika ngalolu daba ngesikhathi kusembiwa isidumbu sikaNkzn Shabalala (Thuleleni) emathuneni eMolweni esikhathini esizinyanga ezingu-6 ezedluleyo.
Izinsalela zesidumbu zakhitshwa ethuneni zifakwe esikhwameni esincane esimnyama, ngemva kokukhonjwa nguShabalala, onguninalume kumufi. Imibiko yaveza ukuthi uShabalala, owake wabotshwa ngalelicala kodwa wadedelwa ngenxa yokusilela kobufakazi, watshela amapholisa ukuthi umufi wazitshonela, wabe “esemqoba” wamfaka esikhwameni, wayomngcwaba ethuneni lesihlobo sakhe.
Kuwo lumbiko kwavela ukuthi uShabalala ubeqhubeka lokuhola isibonelelo sokuphila nokukhubazeka sikaNkzn Shabalala ngemuva kokunyamalala kwakhe. Kwavela ukuthi uNkzn Shabalala ungowesibili ukunyamalala ehlala noShabalala, njengoba ngo-2021 kwanyamalala esinye isihlobo sakhe uNkzn Lucia Zuma, owayephila nokukhubazeka, ongakatholakali namanje.
Ngosuku okwambiwa ngalo isidumbu, amalungu omphakathi waseMolweni avuka indlobane, ashisa umuzi kaShabalala. Ngesonto eledlule kuthiwa imiphumela yolibofuzo iqinisekisile ukuthi izinsalela ngezikaNkzn Shabalala nokuthi umufi akashonanga ngokwemvelo.
UNkzn Zuma uthi ngemuva kokuphuma kwemiphumela, bahlangabezane nembibizane emahhovisi oMnyango wezaseKhaya njengoba benikwe isitifiketi sokutshona kukamufi okuthiwa senziwa nguShabalala ngonyaka odlule.
Uthi uma kuwukuthi uNkzn Shabalala watshona ngokwemvelo, kungani kungabikwanga ukuze umufi ezongcwatshwa ngendlela ehloniphekile.
“Phakathi kwezinto ebesizidingela isitifiketi wukutholela ingane kaThuleleni umazisi njengoba ingenawo. Siyafisa ukuthola ubulungiswa nezimpendulo kumalume esingamazi ukuthi ukuziphi izinkalo,” etsho.
Isishoshovu samalungelo abantu okuyiso esihamba phambili ekutholeleni umndeni ubulungiswa, uMnu Alex Memela sitshele intatheli ukuthi sikholwa wukuthi uMnyango wezaseKhaya nabakwa Sassa kumele bavulele uShabalala amacala enkohlakalo.
Sithi kuze kwaphoqa ukuba umndeni wenzelwe ngamaphoyisa incwadi eyisipesheli egunyaza ukungcwatshwa kwezinsalela zikaNkz Shabalala ngesikhathi kusalungiswa eyokushintshwa kwesitifiketi sokushona.
UMemela uthi lolu daba uzolulwa kuze kufike esiphethweni salo. UMnumzana Cyril Mncwabe owengamele uMnyango wezaseKhaya eKZN, ukuqinisekisile kwabezindaba ukuphuma kwesitifiketi sokushona kukaNkzn Shabalala, athi senziwa nguShabalala. Unxuse umndeni ukuba uxhumane nabafanele ukuze kulungiswe isitifiketi.
Khonamanjalo, ngoLwesibili, ebangeni elingamamitha ambalwa kusuka emzini kaShabalala owashiswa, kutholakale amathambo omuntu okukhuphule amathemba emndenini wakwaShabalala, okuthi ngezikaNkzn Zuma (uLucia).
Amathemba alo mndeni ehlile ngesikhathi abatakuli bethi la mathambo abukeka njengawomuntu wesilisa, kodwa lokho kuzoqinisekiswa uma sekwenziwa ulibofuzo. — Ilanga.



