UVELE enkantolo owesilisa waseMbumbulu, eThekwini osolwa ngokugeca iminwe umzala wakhe ngoba bebanga izimpahla zokugqoka.
Lo wesilisa (31) usolwa ngokuzama ukubulala umzala wakhe uMnu Pheza Gadiso (21) wasesigodini iMavangane eMbumbulu okuthiwa umgence iminwe emibili ngobhushu ngoba enqabe nezingubo zakhe zokugqoka.
Uvele eNkantolo yeMantshi eMbumbulu izolo ngecala lokuzama ukubulala kanti isicelo sebheyili sizolalelwa namuhla.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke emasontweni amabili edlule ngesikhathi umsolwa noGadiso belungiselela ukuya emshadweni kamakhelwane.
Ngokuthola kweSolezwe uGadiso wayebeke izimpahla zakhe elungiselela ukugeza ngesikhathi kufika umzala wakhe ezama ukuthatha ishethi lakhe.
Kuthiwa wamtshela ukuthi ngeke akwazi ukumvumela ukuthi aligqoke ngoba naye ubesehlele ukuligqoka emshadweni.
Kuthiwa umsolwa uqale ngokuthatha induku washaya umzala wakhe nokuthe uma ebona ephindisela wathatha ubhushu, wamngenela ngawo esandleni.
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uGadiso uthe ulimale esandleni sokunxele wanqamuka umunwe ophakathi nendawo nowendandatho.
Uthe bebeke baxabane nomzala wakhe kodwa bekuqala ukuthi kuze kufinyelele esigabeni sokuthi kuphakame isandla.
“Besike sixabane kodwa singalimazani. Bengingazitsheli ukuthi angathatha ubhushu angilimaze ngawo,” kusho uGadiso ozofunda uGrade 10 kulo nyaka. Uthe ubonga ukuthi iminwe yakhe elimele isesandleni sokunxele okuyisandla angasisebenzisi uma ebhala.
Uthe akakholwa ukuthi ngabe ukwazile ukubuyela esikoleni ukube ubegencwe iminwe esesandleni sokudla.
Uthe akafisi ukuthi umzala wakhe athole ibheyili.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo ophinde abe ngumholi we-ANC eMbumbulu obehambele leli cala, uthe bafisa angayitholi ibheyili umsolwa.
Uthe ngesikhathi ebuka amanxeba kaGadiso ubone ukuthi ukube akazange azivikele ngabe washona.
UDhlomo uthe izigameko zokungezwani emndenini kufanele zixazululwe ngendlela enokuthula ngoba zivame ukudlula nemiphefumulo.




