Kukhalwa nxazonke ngokudlula emhlabeni kukaRicky Rick

Iningizimu Afrika ivuke ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kukasaziwayo wakuleli ongaconsi phansi kubalandeli bakhe.

Abantu baqale ukusola ngombhalo awufake enkundleni uTwitter ngokusa kwanamuhla. Kuthe kusenjalo kwabonakala osaziwayo abafana noJulius Malema, Robert Marawa nabo befaka izinhliziyo ezihlephukile nokubonisa ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Kuthe kusuka kwabe kubhuza kuzo zonke izinkundla zokuxhumana amahlebezi athi uRikhado Muziwendlovu “Ricky Rick” Makhado, akasekho emhlabeni.

Amahlebezi athi lo mrepha osezakhele udumo nothatho olukhulu nakubasiki bengqephu, uthathe mphefumulo wakhe.

Umthombo osondelene nalolu daba utshele elinye lamaphephandaba akuleli ukuthi lo mrepha utholwe yithimba labaphathi bakhe ngo-8.30 namuhla. Bazamile ukumphuthumisa esibhedlela ngoba ubesaphila.

“Ngeshwa umphefumulo uhlukene nenyama endleleni eya esibhedlela,” kusho lo mthombo ongafunanga ukuba igama lakhe lidalulwe. — ubulembu

Related Posts

UMongameli uMnangagwa uqeqetsha abafundi beNUST abangu-2 570

Yintatheli kaMthunywa KUME konke koBulawayo, kwaba yinjabulo mgoLwesihlanu kuqhutshwa umbuthano wokwetheswa kwezicoco zemfundo kubafundi beyunivesithi ye-National University of Science and Technology. Abafundi abangu-2 570 baphiwe incwadi zabo zokuqeda izifundo nguMongameli…

Iminyaka emithathu ejele, bezama ukubulala isisebenzi

  Nkosilathi Sibanda KULAMADODA amabili akoBulawayo agwetshelwe ukuyahlala ejele iminyaka emithathu kulandela ukuzama ukubulala enye indoda abasebenza layo. Lokhu kuvele ngesikhathi uNjabulo Mpofu (31) owelokitshini leMabuthweni lo Clinton Mlilo (27)…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *