Kungijabulisile ukuzibona ngilingisa: Rebecca

UMAKADEBONA emculweni wokholo uRebecca Malope, uthi kuveze uhlangothi lwakhe abengalwazi ukubizwa azolingisa iziqephu ezimbalwa emdlalweni iGenesis, okhonjiswa phakathi kwezinsuku kuMzansi Magic.

URebecca kulindeleke ukuthi avele kulo mdlalo kuleli sonto nalapho ezolingisa indawo engahlukile kakhulu kuneyangempela, njengoba engumculi onamava futhi ozosiza abaculi abasathuthuka.

Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo uthe kuveze elinye ithuba alijabulele njengoba ukulingisa kungenye indlela yokuxhumana nabalandeli bakhe ehlukile emculweni.

“Ngikhethe ukuba yingxenye yalo mdlalo ngoba ukhuluma ngomkhakha engikuwo. Ngibone kungcono ukuthi ngenze enye into ezongijabulisa futhi bengazi kahle ukuthi ngiyijwayele njengoba umdlalo ugxile kakhulu emculweni wokholo. Nendawo engizobe ngiyilingisa kube eyomuntu engiwuyena ngempela njengoba eyikholwa, ngakho konke kuvele kwaba lula uma sesiqopha,” kuchaza uRebecca.

Uthe akangabazi ukuthi lena ngenye yezindlela uNkulunkulu amvumela ngazo ukuthi akhule empilweni, njengoba abantu bemazi impilo yakhe yonke njengomculi nokunye okuthinta ukholo.

“Yindlela lena uNkulunkulu angithuma ngayo ukuthi ngifinyelele ebantwini bakhe, kusho ukukhula nakimi futhi ngingene nasezindaweni ezintsha, ngihlangane nabanye abantu. Ngiyathemba ukuthi ababukeli bazothatha isifundo kulokhu okwenzeke kimi bakujabulele ukuvuleka kweminye iminyango empilweni yabo, ngoba uNkulunkulu kwesinye isikhathi uke avule iminyango obungazitsheli ukuthi uyozibona ukuyo, kodwa uma unethemba kuyenzeka,” kuchaza yena.

Uthe uyakholelwa ekutheni umculo, imidlalo nezinhlelo zethelevishini kunomsebenzi omkhulu wokukhulisa amaciko futhi kunamandla ekugqamiseni ithalente labantu abafuna libonakale nakwamanye amazwe.-Ubulembu

 

Related Posts

UMongameli uMnangagwa uqeqetsha abafundi beNUST abangu-2 570

Yintatheli kaMthunywa KUME konke koBulawayo, kwaba yinjabulo mgoLwesihlanu kuqhutshwa umbuthano wokwetheswa kwezicoco zemfundo kubafundi beyunivesithi ye-National University of Science and Technology. Abafundi abangu-2 570 baphiwe incwadi zabo zokuqeda izifundo nguMongameli…

Iminyaka emithathu ejele, bezama ukubulala isisebenzi

  Nkosilathi Sibanda KULAMADODA amabili akoBulawayo agwetshelwe ukuyahlala ejele iminyaka emithathu kulandela ukuzama ukubulala enye indoda abasebenza layo. Lokhu kuvele ngesikhathi uNjabulo Mpofu (31) owelokitshini leMabuthweni lo Clinton Mlilo (27)…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *