Kuthinte abanengi ukubhubha kukaShange

ZITHINTE abaningi emkhakheni wokulingisa indaba zokudlula emhlabeni kwenkakha, uCynthia Shange, izindaba zokushona kwakhe zivezwe yindodakazi yakhe uNonhle Thema ezinkundleni zokuxhumana.

UCynthia waba ngowokuqala ukumela elakuleli emcimbini kazime kaMiss World. Akagcinanga lapho wabuye wazakhela igama emkhakheni wokulingisa emdlalweni uShaka Zulu, Deliwe, Isivumelwano neminye.

Ikhono lakhe ekulingiseni ugcine ukuligqamisa emdlalweni iMuvhango. UCynthia oke waphumela obala ngokuthi uhlushwa yisifo sikashukela waze wanqunywa izinzwane, kuvela ukuthi ushonele eThekwini entathakusa izolo.

UNonhle uthe: “Kubuhlungu ukunazisa izindaba zokudlula emhlabeni kukamama wethu. Ngiyanicela ukuthi nisibeke njengomndeni emikhulekweni yenu kulesi sikhathi esinzima,” kusho uNonhle.

Iningi losaziwayo lizwelane nale ntokazi iveza lezi zindaba ezishaqise abaningi. Umculi uThembi Seete uthe:”Phephisa sisi, siyazwelana nani ngokunehlele.”

UNhlanhla Mafu uthe:”Oh phephisa sthandwa sami”. Inkakha endimeni yomculo uYvonne Chaka Chaka ithe: “Owesifazane omuhle kakhulu, lala uphumule sisi.”

U-Anele Mdoda uthe:”Oh sisi, sengathi uNkulunkulu anganengama wena nomndeni wonke. Ubengumuntu onomlando omkhulu umama asikhombise wona. Phephisa ntombi.”

I-IFP ifanise uCynthia neqhawe emkhakheni wokulingisa.

“Ushiye umlando onothile oyobonwa yizizukulwane ngezizukulwane. Waqala ukuzakhela igama ngeminyaka yawo-1970 ngemuva kokuthatha isicoco sikazime sikaMiss South Africa. Akagcinanga lapho waqhubeka esimela emazweni lapho angenela khona umcimbi kaMiss World ngo-1972, eLondon. Waba ngowokuqala omnyama ukwenza lokhu.

“Ubonakale emidlalweni ehlukene elingisa izindawo eziphambili, ngakho imisebenzi yakhe siyibonile ijabulisa izinkumbi zabantu kuleli. Njengeqembu, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe nakubo bonke asebenze nabo,” kuchaza isitatimende se-IFP. —Isolezwe

Related Posts

UMongameli uMnangagwa uqeqetsha abafundi beNUST abangu-2 570

Yintatheli kaMthunywa KUME konke koBulawayo, kwaba yinjabulo mgoLwesihlanu kuqhutshwa umbuthano wokwetheswa kwezicoco zemfundo kubafundi beyunivesithi ye-National University of Science and Technology. Abafundi abangu-2 570 baphiwe incwadi zabo zokuqeda izifundo nguMongameli…

Iminyaka emithathu ejele, bezama ukubulala isisebenzi

  Nkosilathi Sibanda KULAMADODA amabili akoBulawayo agwetshelwe ukuyahlala ejele iminyaka emithathu kulandela ukuzama ukubulala enye indoda abasebenza layo. Lokhu kuvele ngesikhathi uNjabulo Mpofu (31) owelokitshini leMabuthweni lo Clinton Mlilo (27)…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *