Vienna — Abaseshi base-Austria bathole ikhanda lowesifazane ngemuva kosuku bethole isidumbu sifakwe emaposimendeni amabili.
Izikhulu ngoLwesibili zithe zithole ikhanda esikhwameni ebesibambeke esandleni somlisa ominze edamini.
Kusolakala ukuthi umlisa ubulale owesifazane wamnquma ngaphambi kokuba aziphose edamini.
Isidumbu sowesilisa kanye nesikhwama kutholwe ngamaphoyisa asemanzini eTraunsee ngoMsombuluko, ngemuva kosuku kutholakale amaposimende entanta edamini elisedolobheni laseGmunden, endaweni engamakhilomitha angu-80 ukusuka eSalzburg.
Kusenjalo kuthokale isidumbu sowesifazane endaweni yase-beachfront eThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe isidumbu sowesifazane sitholwe phakathi kwaseBattery Beach naseSun Coast Casino Beach ngoMgqibelo.
Kutholakale kuyena i-passport yaseBhrithane, kodwa bekungakaqinisekiswa ukuthi ingeyakhe yini lona wesifazane.
Akukho manxeba abonakalayo, ngakho amaphoyisa athi azolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuthola ukuthi ubulawe yini.




