OwaseKorea uthi uyazifela ngezintombi zamaZulu

“NGIZITHANDA impela izintombi ezingamaZulu kodwa ngixakwa yilobolo elibizayo. Ngingalobola ngani nje, ngeKFC?”

Lawa ngamazwi kaJames “Nkosana” Kim odabuka eSouth Korea othe wafika lapha ngoba ezifela ngamaZulu, naye asezibona efana nawo.

UKim (47), ongasafuni nokuyizwa eyezwe lakhe uthi akasakhumbuli nokuthi wagcina nini ukulivakashela, ngeke umhlebe ngesiZulu.

Useneminyaka ewu-16 enesitolo sokugeza izithombe nestudiyo sokushutha ngaseWorkshop, eThekwini.

Uma ungena esitolo sakhe ukhangwa wuxhaxha lwezithombe ezinkulu ezinomholi webandla lamaNazaretha, Inkosi uMduduzi Shembe, neSilo samaBandla.

Uthe waqeqeshelwa ukuba yisosha ezweni lakubo, wagcina esegada izikhulu zakhona.

Zikhona nezithombe zakhe egqoke ezamasosha ephethe nenhlokohlela yesibhamu.

“Ngaqala ukuthanda amaZulu ngiseyingane, ngisafunda amabanga aphansi.

Ekhaya yayingekho ithelevishini kodwa kunefilimu eyangihlaba umxhwele ngiyibuka komakhelwane.

Kulefilimu kwakunabantu abagqoke izikhumba zenkomo bephethe imikhonto.

Ngathanda indlela abanamandla ngayo, ngezwa kuthiwa ngamaZulu,” usho kanje.

Uthe efika kuleli ngo-1993 wajabula ethola ukuthi amaZulu agcwele, wabona amanye evunule njengabantu ayebabona efilimini.

UKim uthe efika kuleli wazinika isikhathi efunda ngesiko lamaZulu, wafunda nokukhuluma isiZulu.

Useziqambe namagama esiZulu okunguNkosana noDumisani.  Useke waletha uNdunankulu waseSouth Korea nezinye izikhulu wazivakashisa ePhezulu, eBothas Hill lapho kukhonjiswa ngamagugu esintu.

Uhleka yedwa uma ekhuluma ngoShembe ambiza ngoJesu wamaZulu.

Usebuya ngisho entabeni eNhlangakazi eyozibonela indlela okukhonzwa ngayo kulelibandla.

“Ngangihamba ngedwa ngibuza kubantu ukuthi kukuphi eNhlangakazi ngaze ngafika.

Ngabona amatshe amhlophe namadwala ngaze ngafika phezulu.

Ngebhadi angikwazanga ukubonana neNkosi uShembe ngenxa yendlela okwakugcwele ngayo,” kusho yena.

Uthe ukube kuya ngaye ngabe ujoyina ngokugcwele ebandleni. “Ngixakwa wukudla okubandayo nokuSabatha ngoMgqibelo.  Ngiyaziphuzela futhi ngeke ngilunge ukuyeka utshwala.

“Ngiyamthanda uShembe ngoba ukwazi ukumbona ngamehlo uthole izinhlanhla. Ngeke ngikwazi ukukhonza umuntu engingamazi.”

Ebuzwa ngezinhlelo zomshado, uthe useke wathandana nentombi ewumZulu yagcina imshiya yaya eGoli ngoba ehluleka wukulobola.

Uncoma ubuhle ezintombini zakuleli kodwa uthi ilobolo libiza kakhulu, kusazomthatha iminyaka ukuthi aliqongelele.

UKim akanazo izingane kodwa unethemba lokuthi ngelinye ilanga uyozitholela inkosikazi yomZulu imzalele indodana.–Ubulembu

Related Posts

I-ZACC ihlola amacala obugwelegwele angu-517, kubotshwe abangu-90

Nkosilathi Sibanda IKHOMISHINI yeZimbabwe Anti-Corruption Commission (ZACC) yamukele imbiko engu-517 yobugwelegwele elizweni lonke phakathi kukaZibandlela kusiya kuNcwabakazi lonyaka, njalo isabelo seHarare yiso esilamacala amanengi. Kusitatimende esikhitshwe nguMgcinisihlalo we-ZACC uMnumzana Michael…

Ukunonisa inkomo zenyama zingakathengiswa

YiNtatheli kaMthunywa NGENXA yokuba umkambo wenyama umkhulu kuleli kuqakathekile ukuthi abalimi abakubhizimusi yokufuya lokuthengisa inkomo zenyama babe lolwazi lokunonisa inkomo zabo ukuze benelise ukubona ukuba labo abafuna inyama bayayithola. Ekhuluma…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×