UKelly ‘ngeke athole ngisho indibilishi’

UYISE kalowo owengunozinti wokuqina weBafana Bafana ne-Orlando Pirates owabulawa uSenzo Meyiwa, uthi ngeke athole ngisho isenti umculi we-Afro-pop uKelly Khumalo emalini yomshwalense yendodana yakhe.

Ekhuluma neSolezwe izolo ngemuva kokuphuma kombiko wephephandaba langeSonto iSunday World, othi uKelly uxoxa nabameli ukuze bamsize athole ingxenye ka-R5 million wemali yomshwalense kaSenzo, uMeyiwa uthe akazi ngempela ukuthi uKelly ufunani emndenini wakhe.

Umndeni kaSenzo kulindeleke ukuthi uthole imali yomshwalense enguR5 million evela kuPSL, kulandela ukushona kwakhe.

“Umakoti kaSenzo akakhulumi lutho ngezimali uzwa ngathi siwumndeni kodwa naye unayo ingane noSenzo.

Kuzoqhamuka intombi esingubhongoza ikhuluma ngezindaba zemali,” kusho uMeyiwa.

Uthe kuyacaca ukuthi uKelly uzifunela imali ngokufa kukaSenzo.

“Akukwazi ukuthi kushoniwe kusenendida ngisho nangababulali, wena usuzokhuluma ukuthi ufuna izimali zemishwalense, lokho kuyasithusa siwumndeni.”

Uthe kuzomele athole izeluleko zomthetho ngenhloso yokunqanda uKelly ezinhlelweni zakhe.

Ngokombiko weSunday World, umthombo osondelene noKelly ucashunwe uthi lo mculi uye kumdidiyeli wezingoma uChicco Twala, eyofuna usizo lwabammeli ngenhloso yokuthola ingxenye emalini yomshwalense kaSenzo.

Ummeli kaTwala ucashunwe kuleli phephandaba ekuqinisekisa ukuthi uKelly ufikile kubona bathembisa ukuthi bazomsiza.

Umthombo ucashunwe uthi uKelly akazifuneli yena imali kodwa uyifunela ingane yakhe uyise wayo okunguSenzo.

Sekuphela unyaka manje uSenzo abulawa kodwa amaphoyisa awakabophi muntu ngokufa kwakhe ngaphandle komsolwa owabanjwa kodwa wabuye wadedelwa ngoba kutholakala ukuthi abukho ubufakazi obumhlanganisa necala.

Ngeledlule amaphoyisa akhiphe isitatimende ecela uMeyiwa ukuba ehlise kancane ukukhuluma nabezindaba ngecala emsola ngokuthi uphazamisa uphenyo lwawo. — Ubulembu.

Related Posts

Ubulala asebenza laye, alale lesidumbu amalanga amabili

  Danisa Masuku KUSEHLAKALO esitshwaqisa umzimba, kulendoda yeHope Fountain bucwadlana lakoBulawayo okubikwa yahlahlela enye esebenza layo yafa qede yalala insuku ezimbili lesidumbu. UButholezwe Ndlovu (31), owayesebenza emgodini eHope Fountain, waxabana…

Ingcitshi zichwayisisa ngokuwa kwendizamtshina kaChivayo

  YiNtatheli kaMthunywa SEKUTHUNYELWE iqembu lengcitshi lapho okwenzakale khona ingozi yendizamtshina eMarondera, eMashonaland East, ukuze kuchwayisiswe ngokufa kukasomabhizimusi uWicknell Chivayo, umkakhe uLucy Muteke labanye abantu abane. Abantu abayisithupha laba bafe…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×