Johannesburg — ISouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) ithe imiphumela kamatikuletsheni yango-2015 ikhombisa ngokusobala ukuthi ulimi lunomthelela emiphumeleni yabafundi.
Imiphumela ikhomba ukuthi kusanebanga elide okusamele lihanjwe yizwe ekuthuthukiseni nasekugqugquzeleni ukusetsheniswa kwezilimi zomdabu, kusho inyunyana esitatimendeni.
“Kuyinto eyaziwayo ukuthi labo abafundiswa ngolimi lwebele benza kangcono kakhulu kunalabo abafundiswa ngolimi okungelona olwabo.”
ISadtu ithi ifuna ukubona kuthuthukiswa othisha abazokwazi ukufudisa ngezilimi zomdabu.
“Uma nje sisanohlelo lwezemfundo olungahambisani nezilimi zabantu abaningi kuleli ngeke sikwazi ukwakha iizwe futhi sizoqhubeka nokubona abantu baseNingizimu Afrika ababiza abanye ngezinkawu.”
Izinga lokuphasa kwabafundi bamatikuletsheni ngo-2015 lehle lafinyelela ku-70,7%, uma kuqhathaniswa nelika-75,8% ngo-2014. — Ubulembu




