SEKUQUBUKE umbango wenye yezingoma eziku-albhamu ephume izolo yomculi osanda kunqoba ama-Idols SA, uNoma Khumalo.
UNoma ukhiphe i-albhamu ethi Joy nokuyigama le ngoma ebangwayo. Umbango uphakathi kwakhe noDisebo Mahlangu ongumculi we-Afro Soul.
UFundile Mdingi, osebenza loDisebo, uthe ingoma ngeyabo kukhona owayitshontsha wayinikeza uNoma.
“Ingoma yenziwa nguDisebo eqopha i-demo estudiyo somunye umfana owabe eseyithatha eyinika abanye (iGallo). Sethukile uma sesizwa ukuthi sekungekaNoma,” kutsho uMdingi weLeconelle Music.
Uthe baxhumene leGallo bebatshela ukuthi ngeke bakwazi ukukhipha i-albhamu kaNoma ungakaxazululwa umbango.
UKentridge Tlale oyiSenior Product Manager eGallo Record Company uvumile ukuthi bake baxhumana noMdingi. akabathumelele ingoma kaDisebo bayizwe ukuthi iyafana yini lekaNoma. “Uma sithola ukuthi ziyafana sizobonisana ngendlela eya phambili kodwa i-albhamu seyiphumile.”
UNoma, odabuka eMgungundlovu, uthe uqambe i-albhamu yakhe ngokuthi yiJoy ngoba kuyindlela azizwa ngayo ngemuva kokunqoba umncintiswano.
Ku-albhamu usebenze noSketchy Bongo, Kyle Deutsch, Vusi Ndlovu ongumdidiyeli kaMoneoa, Percy Vilakazi loMalik.
“Ngangingenalo kahle iphimbo ngesikhathi ngiqopha ngoba ngalikhipha lonke kowamanqamu (ama-Idols),” kutsho uNoma.
Uthe i-albhamu yakhe, elengoma ezingu-10, ilengoma ze-Afro pop, R&B lezokholo.
Uthe uyibheke kakhulu indlela asezoyihamba kwezomculo futhi ujahe ukudidiyela i-albhamu yakhe yesibili. Ngeke esaqhubeka lomsebenzi wobuthitshela.




