KUBE lusizi kumndeni wakoMnyango eCinci, eMfolozi, eSouth Africa, injabulo yokuthi kuzakuba lomcimbi ekhaya, iphenduka umfula wezinyembezi njengoba kubhubhe izihlobo eziyisithupha engozini yomgwaqo.
Lingozi ebiphakathi kweloli lemota yenzakale emgwaqweni uN2, uma udlula eManandini, eMtubatuba, ngoLwesihlanu ebusuku.
Bahlanu ababubhe kusehlakalo lesi, kwathi owesithupha wadlulela esibhedlela KwaHlabisa.
Kwababhubhileyo kulo Mnumzana Vuyani Gcaleka (43), Nkosikazi Nokuphakama Mnyango (85), Nksz Nkosingiphile Mnyango (53), Nkosazana Senamile Buthelezi (29), ingane yentombazane u-Ayanda Mthembu (12) lengane engumfana uLubanzi Buthelezi (5).
U-Ayanda nguye otshonele esibhedlela abegijinyiselwe kiso. Intatheli ithole ukuthi enye ingane, uSibani Buthelezi (11) abephuthunyiswe laye kulesi sibhedlela, yedluliselwe eNgwelezane.
Umfowabo kaVuyani, uMnumzana Lindani Gcaleka, uthe ingozi yehle abangakibo besuka ekhaya elikhulu eCinci, belubhekise eMfekayi, lapho unina ebezokwenza khona itiye.
“Basuke ekhaya elikhulu behamba ngezimota ezimbili, betshiyana. Eyehlelwe yingozi ibitshayelwa uVuyani, kuthi ebone umonakalo, itshayelwa umkakhe,” kutsho uGcaleka, othe lezi zimota bezishiyana ngebanga elinde, kwazise bekungekho ukukhathazeka kokuthi kukhona ongayazi indlela yalapho obekuyiwa khona.
Uthe imoto yesibili iyibonile ingozi ebinyantisa igazi eyidlule eManandini kodwa ebebephakathi banganaka.
“Baqale ukwethuka uma sebefonela ekhaya lapho obekuyiwa khona, bebuza ukuthi sebefikile yini oVuyani, kwathiwa abakafiki. Bethukile, becabanga ukuthi akukwazi ukuthi ngabe namanje abakafiki ekhaya abantu ebebebashiya ngebanga elide kangaka,” kusho uGcaleka.
Uthe babe sebethatha isinqumo sokuthi bajike babuyele emuva, bayobheka le ngozi abayedlule eManandini, nebala bathola ukuthi impela yibo.
Uthe ingozi ibabulele bephila bewumndeni, wathi ibehle ngaphezulu njengoba kudlule inqwaba engaka ekubeni umndeni ubuzimisele ngokuyojabula, uhlangana etiyeni.
Ukhale ngokuthi bafe olwembiza ngazo zonke izihlobo ezidlulile, waveza ukuthi uVuyani ubeyinsika yomndeni, evuse ikhaya kukubi.
“Silimele kakhulu siwumndeni,” kusho uGcaleka obezwakala ukuthi akukhulumeki.
Uthe kabanawo amandla okuthwala wonke umsebenzi wokufihla ngesizotha abantu abaningi kangaka bewumndeni, wathi nanoma iluphi usizo abangaluthola, lungenza omkhulu umehluko.
Kwenzeka le ngozi nje, ngoLwesine, bekukade kubatshazwa enye enyantisa igazi eyenzeke phakathi kwetekisi neloli, eLotus Park, eSipingo, eThekwini. Kuyona kudlule abangu-14, kwalimala kanzima abayisishiyagalombili.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal nethimba elithunyelwe nguMphathiswa uMnuz Siboniso Duma, lihambe layohlanganisa amehlo nomndeni izolo. —Isolezwe




