CHRONICLE

Usulala obenyoni umdeni ondlu yawo yagqitshwa yisihlahla

Itshe limi ngothi emdenini wakoNgcobo eMlazi kwa-H eBhorabhora kulandela ukuba indlu yalomdeni iwelwe yisihlahla esikhulu somsilinga kwalimala uphahla lwendlu.
Lesisehlakalo senzakale ngeSonto esiphuma kulo.

Yize kungekho olimele, kepha ngokutsho kukaNkosazana Sithembile Ngcobo (33), uthi loba besindile kungumusa kaNkulunkulu kanye lezinyanya zalelikhaya. Uthi isihlahla lesi siwe saqondana lekamelo abalala kulo.

“Namanje sisathukile uma sicabanga into eyenzeka. Sezwa ngento etshaya kanzima phezu kwendlu, maqondana lendlu esilala kuyo. Sathi sisathukile sinjalo, kepha sakwazi ukulunguza sabona ukuthi yisihlahla siwele phezu kwendlu. Asikwazanga ukuqhubeka ngokulala ngoba sasesethukile, kanti lamanzi ayesengena endlini,” kutsho uSithembile.

UMaNgcobo uthi sebehlala bethukile, uma nje kuke kwakhona okunyakazayo kuvele kubuye isithombe salesisihlahla. “Asisalali egunjini lokulala, kepha silala egunjini lokuphumula la kubukwa khona umabonakude,” kuqhuba yena.

Uthi lomdeni uyile kwamasipala ngenhloso yokuthola usizo, futhi labasebenzi bakwamasipala beze ukuzobheka umonakalo, kepha bakhale ngokuthi imota abayisebenzisayo uma bequma izihlahla ngeke ikwazi ukufinyelela kulesisihlahla.

“Sithwele kanzima, ubona nje kulelikhaya kuphilwa ngemali yami yomdende, okwenza kubenzima konke ngitsho ukubhekana lalenkinga yalesisihlahla esidale umonakalo lapha ekhaya,” kubalisa uNksz Thandi Ngcobo ongumama walelikhaya. — Ubulembu