Uyagula unina wosana okuthiwa lwebiwa

AWUKUTHOLI ukuphumula emphefumulweni umndeni wosana okuthiwa lwantshontshwa lusanda kuzalwa ngowesifazane owayezenza umngani kanina walo ezinyangeni ezine ezedlule.

Lokhu sekuholele ekutheni unina wosana, uNkszn Nomfundo Mzimela (23), waseMshana, KwaMaphumulo, aphume engena ezibhedlela ngenxa yokukhathazeka ngosana lwakhe angalwazi ukuthi lukuziphi izinkalo.

Umamncane kaNkszn Mzimela, uPhilile Mzimela (37), uthe umsolwa wazijwayeza nonina wengane edolobheni eThekwini lapho anetafula lokudayisa emgwaqweni.

“Le ntombazane izidlise satshanyana noNomfundo ngoba ibona ukuthi ukhulelwe. Besebefana nabangani ngoba babefonelana.

NgoJanuwari ifikile ekhaya sekuhlwile izombona, yenza sengathi iyazwelana naye njengoba ingane yakhe yayiphikiwe nguyise.

Yafika yalala ngakusasa yathi abahambe baye edolobheni eStanger izofike imthengele izingubo zengane.

Ababange besehla eStanger baqhubeka baya eThekwini kanti yilapho izofika ishaye ichithe khona nengane,” kusho uNkszn Mzimela (Philile).

Uthe uNkszn Mzimela nomsolwa bafika eDurban Station lapho umsolwa abamba ingane watshela unina ukuthi akangene esitolo ayoyithengela umuthi i-Entress druppels ukuze ingabahluphi.

“Uthe ephuma esitolo intombazane yayingasabonwa nengane. Lento imphethe kabi uNomfundo njengoba ebuye ahlale ngokuxinwa wukugula, alale ezibhedlela.

Sizwa amahebezi okuthi umsolwa waqamba amanga esokeni lakhe elisebenza eGoli wathi ukhulelwe.

Yingakho azenza umngani kaNomfundo ukuze kuthi uma esezele antshontshe ingane yakhe.

Sikhathazekile ngale ngane ezokhulela esibongweni engasazi,” kulandisa uNkszn Mzimela (Philile).

Uqhube wathi bakhathazekile ngoNkszn Mzimela ohambe ekhaya emasontweni amabili edlule eya esibhedlela kodwa wangabuya.

“Asazi ukuthi yini eyenza uNomfundo angasabuyi ekhaya. Kungenzeka ukuthi ubalekela ukuthi uzolokhu ecabanga ngengane.

Kuthiwa ugcine ukubonakala ePhiyinti ehamba namantombazane abukeka engathi amaphara.

Mhlawumbe uma kungabuya ingane yakhe angaqoqeka,” kuqhuba uNkszn Mzimela.

Imizamo yokuthola unina wosana ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokwebiwa kwengane.

“Amaphoyisa ake atholana nomsolwa ocingweni owathi ingane seyashona kodwa manje akasatholakali.

Sicela omama bezingane baqaphe ukuthi bahlangatshezwa abantu ababaziyo futhi ababathembayo uma bephuma ukuyobeletha esibhedlela.

Uma umuntu ehamba yedwa angalokothi abambise umuntu angamazi ingane, akangene nayo lapho eyakhona.

Asikho isitolo noma ithoyilethi lapho okungavunyeliwe ukuthi ungene nengane,” kusho uNdlovu.

Kucelwa oke wayibona ingane noma onolwazi ukuthi athinte umseshi wecala uSergeant Mkhize ku-083 418 4796. —Ubulembu

Related Posts

IBosso ibonga abasekeli

Nkosilathi Sibanda IQEMBU leHighlanders selibonge bonke abasekeli balo abahambe eGweru ukuyakhuza iqembu kumdlalo walo leTelOne ngoMgqibelo. Kumbiko okhitshwe liqembu ngoMvulo ekuseni, iBosso ithe uthando lwabasekeli kaluqhubeke, njalo lukhuthaza abadlali, abaqeqetshi…

Kulimele abangu-20 kungozi yomgwaqo eMahatshula

  Raymond Jaravaza ABANTU abangu-20 balimele ngemva kokungena kungozi yomtshova lenye imota eyenzakale emgwaqweni omkhulu osuka koBulawayo usiya eHarare, eMahatshula ngoMvulo ekuseni. Umqondisi weBulawayo Fire Brigade, uMnumzana Mhlangano Moyo uthe…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

×
×