Kutshone abafundi ababili ngenxa ye-R10

KUSOLWA ingxabano yemali ephethe ngokuthi umfundi agwaze abulale omunye kwathi lona obulele wagencwa ngobhushu wabulawa wumphakathi KwaBester, eNanda, ngoLwesibili ekuseni.

USimphiwe Sikhakhane (17) obefunda uGrade 11, eJG Zuma High, uphume esangweni lesikoleni ukuyolanda izincwadi kanti uzofica uSabelo Khoza (16) emi ngaphandle.

uSabelo Khoza

Umndeni kaSabelo uthe ubefunda uGrade 9 eKusasalentsha Secondary, eNanda, ubemile ezitika ngeWiFi yamahhala.

Kuthiwa kuqubuke ingxabano yalaba ababili abebazana, uSimphiwe efuna imali yakhe kuSabelo.

Kusolakala ukuthi isimo sishube ngendlela yokuthi uSimphiwe uhoshe ummese esikhwameni wasusuluza uSabelo emqaleni, ngaphambi kokuthi amgwaze inxeba elijulile ngasenhliziyweni.

Kuthiwa uSabelo uphuthunyiswe emtholampilo oseNewtown C, eNanda, lapho efike washonela khona.

Ngaleso sikhathi kubikwa ukuthi umphakathi wangakubo kaSabelo, uhubhe uSimphiwe obesebaleka egqoke inyumfomu wambamba maqede wazenzela kuyena.

Kuthiwa umphakathi umgence ngobhushu, wamgwaza ngamabhodlela nangemimese, umlimaza ngayoyonke into, unina wafika esemboziwe.

UNksz Anele Khoza, udadewabo kaSabelo, uthe umfowabo ugwazelwe uR10 ezwe kuthiwa ubufunwa wuSimphiwe kuyena.

“Asazi ukuthi imali eyayenzenjani lena ebikade ibangwa. USabelo ubeyingane elungile, ezithulelayo ebesizoya kombhalisa esikoleni esisha ePhoenix, namhlanje (izolo),” kusho uNksz Khoza.

Uthe uSabelo uphume kubo ekuseni ngo-8 wathi uyoxhuma iselula kwi-internet kodwa ekuhambeni kwesikhathi, kufike umuntu ezobabikela ukuthi usedindilize phansi ugwaziwe.

UNksz Lethiwe Sikhakhane, unina kaSimphiwe, ukhihle isililo ehlezi emakhandleleni ngesikhathi elandisa ngokuthi ingane yakhe ibulawiswe okwenja. Uthe besingekho isicubu somzimba ebesingenambobo.

“Bekungathi umphakathi ushaya inkunzi yomgulukudu obusuhluphile endaweni. Umfana wami ubengahluphi, ethanda imfundo ehamba inkonzo eyiNazaretha. Siyasola ukuthi ubethathelwa imali nezinto zakhe ngabafana abahlala ngaseJG Zuma.

Kungenzeka ugajwe yintukuthelo wagwaza ngenxa yokuhlale ehlushwa, ethathelwa izinto,” kulandisa uNksz Sikhakhane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, usigxekile isigameko sodlame lokulwa okube khona, wathi yinto embi okungamele engabe iyenzeka.

Udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelelwe wathi uphenyo ngalezi zigameko lusingethwe yizinhlaka zezomthetho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala aphenywa ngamaphoyisa asesiteshini eNtuzuma.

ULt Col Gwala uthe abafundi ababili bagwazwe ngaphandle kwamasango esikole kodwa ayikaziwa imbangela yokubulala.-Isolezwe

Related Posts

UMongameli uMnangagwa uqeqetsha abafundi beNUST abangu-2 570

Yintatheli kaMthunywa KUME konke koBulawayo, kwaba yinjabulo mgoLwesihlanu kuqhutshwa umbuthano wokwetheswa kwezicoco zemfundo kubafundi beyunivesithi ye-National University of Science and Technology. Abafundi abangu-2 570 baphiwe incwadi zabo zokuqeda izifundo nguMongameli…

Iminyaka emithathu ejele, bezama ukubulala isisebenzi

  Nkosilathi Sibanda KULAMADODA amabili akoBulawayo agwetshelwe ukuyahlala ejele iminyaka emithathu kulandela ukuzama ukubulala enye indoda abasebenza layo. Lokhu kuvele ngesikhathi uNjabulo Mpofu (31) owelokitshini leMabuthweni lo Clinton Mlilo (27)…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *