BAGHDAD — Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Iraq uthi umlilo oqubuke ebusuku esibhedlela esiseBaghdad ubulale izingane ezingu-11 ebezisanda kuzalwa.
U-Ahmed al-Roudaini, uthe lo mlilo uqubuke ngoLwesibili ebusuku ophikweni okubelethelwa kulo eYarmouk Hospital, esentshonalanga yeBaghdad.
Uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi lo mlilo uqalwe ugesi obunenkinga.
Kuthiwa kukhishwe abantu besifazane abangu-29 nezingane eziyisikhombisa kule wadi elithungelwe ngumlilo.
Imililo equtshulwa wugesi ivamile e-Iraq ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngendlela engeyiyo. — AP




